
Izitshudeni Zezindlela ZoKwakha Emqhudelwaneni Womhlaba
Click here for English version
Abafundi bezindlela zokwakha, oMnu Mohammed Shah noMnu Neeshailin Naicker, badle umhlanganiso kwi-South African Saint-Gobain Multi Comfort Student Contest. I-UKZN ibiqala ukuwungenela lo mqhudelwano ngonyaka odlule, yaphuma phambili e-Dubai.
Njengabanqobi besifundazwe bangowama-2019, u-Shah no-Naicker bazobhekisa amabombo e-Milan, eNtaliyane, kowamanqamu lapho bezoqhudelana khona namathimba angama-50 avela emazweni angama-28.
Lo mqhudelwano waqala ngowama-2004 kanti usonyakeni wesine eNingizimu Afrika. Kulo mjikelezo, kudingeka ukuthi abaqhudelanayo balandise ngombono wabo ngekusasa eliqhakazile lwesiteshi i-Crescenzago yase-Milan. Lapha kubalwa ukuphucula izakhiwo ezivele zikhona ezintathu nezakhiwo ezintsha ezinendawo yokuhlala neyokusebenza, indawo yomphakathi, neyezinto ezidayisayo. Intokomalo, ukusebenza, nokuphepha kumqoka kube kubhekana nenselelo yokwakho okongayo, ukonga amandla kagesi, nokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu mnotho.
U-Shah no-Naicker baqambe ucwaningo lwabo bathi yi-Tree AI. Ifuze umsebenzi wesihlahla ngendlela ubuchwepheshe bamarobhothi ecabanga, isebenze ngayo. Okwamanje, isiphakamiso sabo sithinta indlela abantu abasebenzisa ngayo indawo ukwenza izinto nempilo engcono.
Kulesi sigodi esingacekeli phansi imvelo asisebenzisi lutho lwasedolobheni kanti sizikhiqizela sona izinto esizisebenzisayo. Lapha kubalwa ukuvuna amandla elanga, ukuhlanza amanzi ukuze aphinde asetshenziswe, nokufuya. Lo msebenzi uyimpumelelo yokusetshenziswa kobuchwepheshe ukuphucula izimpilo zabantu.
‘Kube wuhambo olukhulu nomsebenzi omuhle. Ukuphuma phambili ethimbeni laseNingizimu Afrika kusinika isibindi ekumeleni izwe lakithi ezingeni lomhlaba. Siyajabula ngethuba esilitholayo kanti sikubheke ngamemhlo abomvu ukuhlangana nabafundi bezokwakha basemhlabeni wonke,’ kusho u-Shah.
Umsebenzi wabo sebethe ukuwuphucula ngaphambi kokuwethula ezingeni lomhlaba. ‘Umsebenzi wethu sizowethula ekilasini lethu ukuzilungiselela umqhudelwano,’ kusho yena.
UNks Magda Cloete, ofundisa lezi zitshudeni, uzozikhapha kulo hambo. NgoMandulo ngonyaka odlule waya e-Milan kugujwa uSuku loThisha, lapho aya kobona le ndawo, wahlangana nabalingani abehlukene ukulungiselela lo msebenzi.
‘Esakubona ngenselelo yokwakha kwenza sakwazi ukuphucula uhlelo lwesakhiwo. Umphumela uyethembisa impela kanti sinethemba elikhulu lokuphuma phambili nakulo lonyaka,’ kusho uCloete.
‘Inkampani engabaxhasi, i-Saint Gobain, ibe wusizo olukhulu ukuphucula umzekeliso kanti izoba neqhaza kwisethulo lezi zitshudeni ezizosenza ngomlomo. Kuhle ukwesekwa kwabafundi yizinkampani ezikule ndima ukuze bathuthuke ezifundweni zabo,’ kusho uCloete.
U-Shah no-Naicker babhalisele uhlelo lweminyaka emibili lweMastazi kwezokwakha. Kulo nyaka bazoqedela umsebenzi wezikole bese kuthi ngonyaka ozayo benze ucwaningo. U-Naicker uhlela ukuqale asebenze ngaphambi kokuthi agcine esenenkampani yakhe kanti u-Shah ufisa ukusebenza endaweni lapho kugxilwe ekudwebeni khona ukuze asebenzise ikhono lakhe lokuqala phansi izinto.
Beluleke ezinye izitshudeni ukuthi zisebenze ngokuzikhandla nangokuhlakanipha, bathi: ‘Lo msebenzi uyabavuza labo abahlalayo kuwo’.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: yi-Saint Gobain